IsiCikizi
isilekeleli senhleleleko sokwenza imigidingo yesibalonqangi noma inhluzeko / From Wikipedia, the free encyclopedia
Ikhompyutha noma isiCikizi inguxa yezezibhangqiwe yamazuba engahleliswa ukuba yenze uchunge lwezibalonqangi nemigidingo ehluzekile ngenhleleleko. Izicikizi zanamuhla zingenza imigidingo engamaqoqo avamile eyaziwa ngokuthi izinhleleliso. Lezinhleleliso zinikeza isiCikizi igunya lokwenza imisebenzi ehlukahlukene. Isimiso sesiCikizi siyisicikizi esiphelele esihlanganisa nezinye izinsiza ezidingekayo ukuze sikwazi ukugidinga ngokugcwele. Legama libuye libhekisele eqoqweni leziCikizi ezixhunywe ukuba zisebenze ndawonye, njengoXhoxho lweziCikizi noma isishomo seziCikizi.
- Intertec Superbrain
- IsiCikizi Aspire se-Acer
Imikhiqizo ehlukile yezezimboni neyabakhozi isebenzisa izicikizi njengezimiso zokulawula. Izilekeleli zenjongo ecacile njengechadaza (microwave oven) nezilawuli kude(remote controls) ziyabalwa, kanjalo nezilekeleli zomkhando ezifana nezithununu zezimboni kanye nomklamo osizwa isicikizi, kuhlanganise nezilekeleli zenjongo ebanzi ezifana nesicikizi somuntu siqu nezilekeleli eziphathwayo (mobile devices) njengoMakhalipha (smartphone). Izicikizi zifukutha uxhakaxholo ngokukhongca izigidigidi zezinye izicikizi nabazisebenzisayo.
Izicikizi zokuqala zazihloselwe ukusetshenziselwa uqaqululo (calculations) kuphela. Izinsiza ezifana ne-abacus sezisize abantu ekwenzeni uqaqululo kusuka endulo. Ekuqaleni kwenguquko yezimboni, izilekeleli zezinguxa zakhiwa ukuze zihleleleke (automate) imisebenzi emide ekhathazayo, njengokuqondisa isifanelo sesilukisi (loom). Izinguxa zamazuba zazenza imisebenzi eyinkimbinkimbi yoqaqululo lwenzuko (analog calcuations) ekuqaleni kwekhulu lama-20. Izinguxa eziqaqululayo zamazuba zezezibhangqiwe zokuqala zakhiwa ngesikhathi sempi yomhlaba yesibili.