Isizindalwebu siyiqoqo lamakhasi olwebu nesiqikili esiyamaniswa nawo konke okuhlonzeka ngegama lesidlangala elilodwa futhi kushicilelwa ngesiphakeli lwebu esisodwa. Izibonelo zezizindalwebu i-Google, Facebook, Amazon, kanye ne-Wikipedia.

Thumb
Isizindalwebu se-usap.gov


Zonke izizindalwebu ezifikelelwa umphakathi zakha iqoqovane elibizwa uLwebu lomhlaba wonke. Kukhona nezizindalwebu ezisisulu ezifikelelwa kuphela ngoxhoxho olusisulu, ezifana nesizindalwebu somshumanqa sangaphakathi sabasebenzi bawo.

Izizindalwebu imvama zenzelwa ukuphatha isihloko esithile noma injongo ethile, efana nezindaba, imfundo, ezentengiselwano, ezokunandisa, noma izinkundla zokuxhumana. Ukukhongca phakathi kwamakhasi kuqondisa ukuphequlula isizinda, imvama okusungula ngekhasi lokuqala.

Abasebenzisi bangafikelela izizindalwebu ngezilekeleli ezihlukile, ezihlanganisa iziCikizi, iziGonwa, izibhebhe, noMakhalipha. Ihlelokusebenza elisetshenziswa kulezilekeleli libizwa isiphequluli.

Wikiwand in your browser!

Seamless Wikipedia browsing. On steroids.

Every time you click a link to Wikipedia, Wiktionary or Wikiquote in your browser's search results, it will show the modern Wikiwand interface.

Wikiwand extension is a five stars, simple, with minimum permission required to keep your browsing private, safe and transparent.