incwadi ethunyelwa ngamazuba From Wikipedia, the free encyclopedia
Incwazuba (noma Umbikombani) eyaziwa ngesiNgisi ngokuthi i-email kuyindlela yokuthumelelana imilayezo phakathi kwabantu ngokusebenzisa izisebenziso zombani ("electronic devices"). Incwazubai yadalwa ngenhloso yokuthi ibe uhlobo lwencwadi yeposi ethunyelwa manje ifike manje. Ekuhambeni kwesikhathi incwazuba yase isiphenduka umdeko wokuxhumana nokubathumela imininingwane kanye nemilayezo. Manje, incwazuba isiyisisekelo seningi lezinhlangano nemisebenzi emhlabeni, futhi uneqhaza elibalulekile kwezezifundo, ezokungcwebeleka, nezinye zezigaba zempilo nenhlalo yabantu eningini lamazwe omhlaba jikelele.
Incwazubo iwumntungo, besekuthi umyalezo nomyalezo othunyelwa kuyona ubizwa ngokuthi uyincwaziba
Incwazuba ligidinga kuwo wonke amaxhoxho wesiCikizi, ikakhulukazi kuxhakaxholo, kanye nakumaxhoxho wendawo. Namuhla izinhlelo zencwazuba zisekelwe kunongo lokugcina ebese uyathumela. Iziphakeli zencwazuba ziyamukela, zithumele, zifufuthe (deliver), futhi zigcine imiyalezo. Abasebenzisi nezicikizi zabo akudingekile ukuba babekuxhakaxholo ngesikhathi esisodwa; badinga nje ukuxhuma, imvaka kwisiphakeli sencwadi (mail) noma kwisinanazimo sencwadi yolwebu (webmail interface) ukuze bathumele noma bamukele imiyalezo noma bayithulule.
Ngokwendabuko kwakuyinsiza yokuxhumana ngesiqakaqo-sodwa se-ASCII, incwazuba loxhakaxholo lwajijwa ngeziJiji zeNcwadi yoXhakaxholo eNhlosoningi (Multipurpose Internet Mail Extensions (MIME) ukuze sithwale umbhalo wamanye amaqoqo ezimpawu kanye nezinamekwa zesiqikili sezinzisaningi. Incwazuba loMhlabawonke, olusemthethweni Kodwa olungamukelwanga ndawo zonke, lwasabalalisa Emazweni wonke amakheli wencwazuba ngokusebenzisa i-UTF-8.
Ibizo elithi incwazuba
Seamless Wikipedia browsing. On steroids.
Every time you click a link to Wikipedia, Wiktionary or Wikiquote in your browser's search results, it will show the modern Wikiwand interface.
Wikiwand extension is a five stars, simple, with minimum permission required to keep your browsing private, safe and transparent.