Isichicilelwa umuntu angaphathela esikuqukethe ukuqinisekisa iziminya From Wikipedia, the free encyclopedia
Isibhalo samaphatho siwumsebenzi ongeyona inganeko, ofana nephepha lwakwaNgqondonkulu, incwadi noma isishicwanjalo (periodic), okuyizinto umuntu angabhekisela kuzo ukuthola ukwaziswa.[1] Ukwaziswa kwazo kuhloswe ukuba kutholakale ngokushesha lapho kudingeka. Izibhalo lezi zivame ukuphathwa lapho kudingidwa okunye ukwaziswa, kunokuthi zifundwe ngokuphelele. Inkobo yokubhala esetshenziswa kulezibhalo idlulisa ukwaziswa; ababhali bagwema ukusebenzisa inkomba siqu, futhi bagcizelela iziminya.
Izikhomba ziwulwangu olugcwele kakhulu ezibhalweni zamaphatho. Izibhalo zamaphatho eziningi zihlanganiswa amathimba wabanikezeli abaqondiswa umhleli oyedwa noma abaningana, kunokuba nomlobi oyedwa. Amahlelo aphuculiwe nawo avame ukushicilelwa lapho edingeka, mhlawumbe kanye ngonyaka.
Izibhalo zamaphatho zihlanganisa izinsizakufunda, Izincwadi zonyaka, amabalazwe, izichazamibhalo, izichazamazwi ezichazimibhalo, izinjengamazwi ezifana nezinjengamazwi zomtapowolwazi nezobuciko, Izincwadi zezikhombo, izichazamazwi, izikhombo ezifana nezikhombo zemihibo nezikhombo zocingo, izingqoqelalwazi, izichazamafilimu, amaphephandaba kahulumeni, izikhomba ezifana nezikhombo zomchazamibhalo nezezingcaphuno, njll.[2] Iningi lezibhalo zamaphatho ziyatholakala ngohlobo lwesingabuzuba okungaba ihlelokusebenza lamaphatho, ama-SiDi-ROM, amaDividi, noma ngoxhakaxholo. I-Wikipedia, okuyingqoqelalwazi ekuxhakaxholo, iyisibhalo samaphatho kokubili esikhulu nesifundwa kakhulu emlandweni.[3]
Seamless Wikipedia browsing. On steroids.
Every time you click a link to Wikipedia, Wiktionary or Wikiquote in your browser's search results, it will show the modern Wikiwand interface.
Wikiwand extension is a five stars, simple, with minimum permission required to keep your browsing private, safe and transparent.